52 le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
53 UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.”UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.
54 UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
55 ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.