22 Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.
23 Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.
24 Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.
25 Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.
26 Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.”Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”
27 Wathi kuye: “Ungubani igama lakho na?”Wathi: “NginguJakobe.”
28 Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”