28 Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
29 UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.”Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.
30 UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”
31 Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.
32 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.