3 UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.
4 Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;
5 nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”
6 Izithunywa zabuyela kuJakobe, zathi: “Safika kumfowenu u-Esawu, naye uyeza ukukuhlangabeza enamadoda angamakhulu amane.”
7 UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,
8 wathi: “Uma u-Esawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.”
9 Wathi uJakobe: “Nkulunkulu kababa u-Abrahama, Nkulunkulu kababa u-Isaka, Jehova, wena owathi kimi: ‘Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho,’ ngikwenzele okuhle,