2 Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.
3 Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.
4 U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.
5 Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?”Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”
6 Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.
7 Wasondela noLeya nabantwana bakhe, bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.
8 Wayesethi: “Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na?”Wathi: “Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.”