17 Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”
18 Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori.
19 Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.
20 OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:
21 “Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi; ngalokho mabahlale ezweni, balihambe, ngokuba bheka, izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu.
22 Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi, sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe.
23 Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”