10 UNkulunkulu wathi kuye:“Igama lakho linguJakobe,igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.
11 UNkulunkulu wathi kuye:“NginguNkulunkulu uSomandla;mawuzale, wande;isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
12 izwe engabapha lona o-Abrahamano-Isaka,ngiyakulinika wena;nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”
13 UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.
14 UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.
15 UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
16 Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.