22 Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
23 Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.
24 Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.
25 Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.
26 Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
27 UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.
28 Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.