1 Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.
2 UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo.
3 Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri.
4 Yabuye yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Onani.