1 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.”
2 Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi.
3 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.
4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.
5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.
6 UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na?
7 Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”