17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.
18 U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.
19 ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.
20 U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo.
21 Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo.
22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.
23 ULameka wathi kubo abafazi bakhe:“Ada noSila, yizwani izwi lami;nina bafazi bakaLameka,lalelani ukusho kwami:Bhekani, ngibulala umuntungenxeba engilitholayo,nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.