21 Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo.
22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.
23 ULameka wathi kubo abafazi bakhe:“Ada noSila, yizwani izwi lami;nina bafazi bakaLameka,lalelani ukusho kwami:Bhekani, ngibulala umuntungenxeba engilitholayo,nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.
24 Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa,aphindwe kasikhombisa.”
25 U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.”
26 Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.