1 Kwathi emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nomphekizinkwa wayo bona enkosini yabo, inkosi yaseGibithe.
2 UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa.
3 Wazibeka ukuba zilindwe endlini yenduna yemilindankosi etilongweni, indawo lapho wayeboshwe khona uJosefa.
4 Induna yemilindankosi yamyala ngazo uJosefa ukuba azibheke; wazikhonza; zazisekulindweni izinsukwana.
5 Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, ababeboshwe etilongweni.
6 UJosefa wangena kubo ekuseni, wabona ukuthi badabukile.
7 Wayesebuza izinceku zikaFaro ezazinaye zilindwe endlini yenkosi yakhe, ethi: “Ubuso benu budabukeleni namuhla na?”