20 Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.
21 Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;
22 kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.
23 Nokho induna yabaphathizitsha ayamkhumbula uJosefa, yamkhohlwa.