30 Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.
31 Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu.
32 Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
33 “Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe.
34 Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.
35 Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.
36 Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”