5 Walala ubuthongo, waphupha ngokwesibili; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
6 Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
7 Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8 Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
9 Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami.
10 UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.
11 Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.