1 UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?”
2 Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”
3 Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe.
4 Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.”
5 Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.