10 Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla.
11 Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”
12 Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”
13 Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
14 UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.
15 Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.
16 Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”