13 Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
14 UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli.
15 Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha.
16 Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”
17 Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.
18 Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.
19 Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu,