26 Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.
27 Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.
28 Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”
29 Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi:
30 “Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe.
31 Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli;
32 siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’