5 Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo, ebhula ngayo, na? Nenze kabi ngokwenze njalo.’ ”
6 Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi.
7 Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.
8 Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
9 Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”
10 Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”
11 Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo.