11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamsese, njengalokho uFaro ebayalile.
12 UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.
13 Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.
14 UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.
15 Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani, bonke abaseGibithe beza kuJosefa, bathi: “Siphe ukudla; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.”
16 Wayesethi uJosefa: “Lethani izinkomo zenu; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.”
17 Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.