12 UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.
13 Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.
14 UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.
15 Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani, bonke abaseGibithe beza kuJosefa, bathi: “Siphe ukudla; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.”
16 Wayesethi uJosefa: “Lethani izinkomo zenu; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.”
17 Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.
18 Usuphelile lowo mnyaka, beza kuye ngomnyaka wesibili, bathi kuye: “Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.