24 Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”
25 Base bethi: “Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi, sibe yizinceku zikaFaro.”
26 UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.
27 U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.
28 UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.
29 Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.
30 Kepha lapho sengilele kobaba, uze ungikhiphe eGibithe, ungimbele ethuneni labo.”Wathi: “Ngizakwenza njengezwi lakho.”