18 Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.”
19 UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?
20 Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
21 Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.
22 UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.
23 UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.
24 Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”