2 UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.
3 Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.
4 Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi
5 ubaba wangifungisa wathi: ‘Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo.’ Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, bese ngibuya.”
6 Wayesethi uFaro: “Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.”
7 Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise; zakhuphuka naye zonke izinceku zikaFaro, nezikhulu zendlu yakhe, nezikhulu zonke zezwe laseGibithe,
8 nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.