1 UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.
2 Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili, iduna nensikazi yalo,
3 nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.
4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”
5 UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.
6 UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni.
7 UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.