10 Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;
11 ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.
12 Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
13 Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,
14 bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko.
15 Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.
16 Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.