5 UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.
6 UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni.
7 UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.
8 Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni
9 kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.
10 Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;
11 ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka.