14 Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.
15 UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi:
16 “Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
17 Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.”
18 Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye.
19 Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini.
20 UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.