6 Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.
7 Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni.
8 Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.
9 Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
10 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.
11 Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.
12 Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.