1 UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.
2 Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.
3 Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.
4 “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.
5 Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.