20 UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.
21 Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.
22 UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.
23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
24 UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.
25 Wathi:“Makaqalekiswe uKhanani,abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”
26 Wathi futhi:“Ubusisiwe uJehova,uNkulunkulu kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.