22 UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.
23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
24 UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.
25 Wathi:“Makaqalekiswe uKhanani,abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”
26 Wathi futhi:“Ubusisiwe uJehova,uNkulunkulu kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.
27 UNkulunkulu amandise uJafete,ahlale ematendeni kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.”
28 Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu.