24 UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.
25 Wathi:“Makaqalekiswe uKhanani,abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”
26 Wathi futhi:“Ubusisiwe uJehova,uNkulunkulu kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.
27 UNkulunkulu amandise uJafete,ahlale ematendeni kaShemi,uKhanani abe yisigqila sabo.”
28 Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu.
29 Izinsuku zonke zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu.