8 UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi:
9 “Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu,
10 nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.
11 Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”
12 UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade:
13 ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
14 Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini.