25 Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
26 Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire.* Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
27 Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.
28 Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.