Uhezekeli 4 ZUL59

Isiprofetho ngokuvinjezelwa kweJerusalema

1 “Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi, iJerusalema,

2 uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.

3 Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, uqondise ubuso bakho kuwo, wona uvinjezelwe, uvinjezelwe nguwe. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.

4 “Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo, ubeke ukona kuka-Israyeli phezu kwalo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo.

5 Ngokuba ngikunqumele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe ngumumo wezinsuku, zingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, bese wuthwala ukona kwendlu yakwa-Israyeli.

6 “Nxa usuziqedile lezi, uyakulala ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ukona kwendlu yakwaJuda, ngikunqumele izinsuku ezingamashumi amane, yilolo nalolo suku lube ngumnyaka.

7 Uyakubhekisa ubuso bakho kukho ukuvinjezelwa kweJerusalema, ingalo yakho yambuliwe, uprofethe ngalo.

8 Bheka, ngifaka amagoda phezu kwakho, awuyikuphenduka uhlangothi ngohlangothi, uze uqede izinsuku zokuvimbezela kwakho.

9 “Futhi zithathele ukolweni, nebhali,* nobhontshisi, nembumba, nonyaluthi, nesipelite,* ukubeke esitsheni sibe sinye, uzenzele isinkwa ngakho ngokomumo wezinsuku oyakulala ngazo ngohlangothi lwakho, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, usidle.

10 Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesilinganiso, amashekeli* angamashumi amabili ngosuku, ukudle izikhathi ngezikhathi.

11 Namanzi uyakuwaphuza ngesilinganiso, inxenye yesithupha yehini,* uphuze izikhathi ngezikhathi.

12 Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali,* uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.”

13 Wathi uJehova: “Kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.”

14 Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”

15 Wathi kimi: “Bheka, ngikunike umquba esikhundleni sendle yomuntu; uyakusenza isinkwa sakho phezu kwawo.”

16 Wathi futhi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba, baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala

17 ukuba baswele isinkwa namanzi, bamangale omunye nomunye, babune ebubini babo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48