Uhezekeli 41 ZUL59

1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.*

2 Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude balo: yizingalo ezingamashumi amane; nobubanzi balo: yizingalo ezingamashumi amabili.

3 Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.

4 Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”

5 Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.

6 Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.

7 Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.

8 Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.

9 Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu.

10 Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke.

11 Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke.

12 Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke, nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.

13 Wayeselinganisa indlu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso, ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,

14 nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.

15 Wayeselinganisa ubude besakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha: yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

16 imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;

17 kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi, nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,

18 kwenziwe ngamakherubi* nangamasundu; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili;

19 kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha, nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.

20 Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi* namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.

21 Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.

22 I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”

23 Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.

24 Izivalo zazinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.

25 Kwakwenziwe kuzo, ezivalweni zethempeli, amakherubi* namasundu njengokwenziwe ezindongeni; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.

26 Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme, nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu, nasesivikelweni.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48