Uhezekeli 28 ZUL59

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2 “Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkuluenhliziyweni yolwandle,”ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

3 bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

4 ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakhouzizuzele imfuyo,wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

5 ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthengawandisile imfuyo yakho;inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

6 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakhonjengenhliziyo kaNkulunkulu,

7 ngalokho bheka,ngiyakukwehlisela abafokazi,abesabekayo bezizwe;bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakhoizinkemba zabo,bangcolise ukukhazimula kwakho.

8 Bayakukwehlisela egodini,ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

9 Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:“Ngingunkulunkulu mina,”ingani ungumuntu,ungesiye uNkulunkulu,esandleni sokugwazayo, na?

10 Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”

11 Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi:

12 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;wawugcwele ukuhlakanipha,wawuphelele ngobuhle.

13 Wawuse-Edene,insimu kaNkulunkulu;onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*nesimaragidu,* nekrisolithe;*nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.

14 Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,wahamba phakathi kwamatshe omlilo.

15 Wawuphelele ezindleleni zakhokusukela osukwini lokudalwa kwakhokwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.

16 Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

17 Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;ngikulahlele phansi,ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.

18 Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungileungcolisile izindlu zakho ezingcwele;ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;ngakwenza umlotha emhlabeniemehlweni abo bonke abakubonayo.

19 Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

Isiprofetho ngeSidoni

20 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,

22 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,bazi ukuthi nginguJehova,lapho ngenza ukwahlulela kulo,ngingcweliswe phakathi kwalo.

23 Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalongenkemba ephezu kwalo nxazonke,bazi ukuthi nginguJehova.

24 “ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

25 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

26 Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48