Uhezekeli 19 ZUL59

Isililo ngendlu yakwa-Israyeli

1 “Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:

2 “ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjaniphakathi kwezingonyama!Yabuthisa phakathi kwamabhongo,yondla amawundlu ayo.

3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo,laba yibhongo;lafunda ukubamba impango,ladla abantu.

4 Izizwe zezwa ngalo,labanjwa emgodini wazo;zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.

5 “ ‘Nxa isilindile,yabona ukuthi ithemba layo liphelile;yathatha elinye lamawundlu ayo,yalenza ibhongo.

6 Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo;lafunda ukubamba impango,ladla abantu.

7 Labhidliza izinqaba zabo,lachitha imizi yabo,izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.

8 Izizwe zase zilihlelela nxazonke,zivela emazweni,zeneka phezu kwalo inetha,labanjwa emgodini wazo.

9 Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,zaliyisa enkosini yaseBabele,zalingenisa ezinqabeniukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.

10 “ ‘Unyoko wayenjengomvini,usahlezi ngokuthula,utshalwe ngasemanzini;wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.

11 Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo;isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi,waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.

12 Kepha wasishulwa ngokufutheka,waphonselwa phansi,umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo;isiqu sawo esiqinileyo saphulwa,sabuna, umlilo wasiqeda.

13 Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.

14 Umlilo uphumile esiqwini sawo,wadla amagatsha awo nezithelo zawo,kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo,nantonga yokubusa.’Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48