11 Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
12 Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.
13 Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.
14 Yilelo nalelo lalinobuso obune; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi, ubuso besibili babungubuso bomuntu, obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi.
15 Amakherubi aziphakamisa; yilezi zidalwa engazibona ngasemfuleni iKhebari.
16 Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo, nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabathini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.
17 Ekumeni kwawo nalawa ema; ekwenyukeni kwawo enyuka nawo, ngokuba umoya wezidalwa wayekuwo.