16 Ekuhambeni kwamakherubi amasondo ahamba eceleni kwawo, nalapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukwenyuka emhlabathini, amasondo awaphendukanga eceleni kwawo.
17 Ekumeni kwawo nalawa ema; ekwenyukeni kwawo enyuka nawo, ngokuba umoya wezidalwa wayekuwo.
18 Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu, yema phezu kwamakherubi.
19 Amakherubi aphakamisa amaphiko awo, enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo, amasondo eseceleni kwawo; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
20 Yilezi zidalwa engazibona phansi kukaNkulunkulu ngasemfuleni iKhebari, ngazi ukuthi zazingamakherubi.
21 Yilelo nalelo lalinobuso obune, yilelo lalinamaphiko amane, nesimo sezandla zomuntu sasiphansi kwamaphiko awo.
22 Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo, yebo, bona uqobo lwabo; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.