8 Kwabonakala kuwo amakherubi isimo sesandla somuntu phansi kwamaphiko awo.
9 Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi, elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.*
10 Kungathi omane ayenesimo sinye, njengalokho kwakukhona isondo phakathi kwesondo.
11 Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine, awaphendukanga ekuhambeni kwawo, kepha lapho ikhanda lalibhekisa khona alilandela; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
12 Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.
13 Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.
14 Yilelo nalelo lalinobuso obune; ubuso bokuqala babungubuso bekherubi, ubuso besibili babungubuso bomuntu, obesithathu babungubuso bengonyama, nobesine babungubuso bokhozi.