5 UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.
6 Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.
7 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.
8 Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.
9 Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.
10 Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.
11 Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli,