16 Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”
17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba,
19 uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
20 Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
21 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
22 “Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?