11 yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.
12 Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”
13 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.
14 Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.
15 Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,
16 abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’
17 “Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,