15 Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,
16 abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’
17 “Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,
18 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu,
19 nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?
20 “ ‘Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni.
21 Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova.