6 Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.
7 Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?
8 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.
9 Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
10 “ ‘Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: “Ngukuthula,” kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,
11 yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.
12 Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”