11 ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”
12 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
13 “Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,
14 noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.
15 “Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane,
16 noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.
17 “Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,